Yinhle ngani i-Islam? Yamukelwa kanjani i-Islam?
Ihlelwe ngu: Abu Karim Al Marakshy
Ihunyushwe ngu: Sfiso Duma
Yinhle ngani i-Islam?
-
I-Islam ikhipha umuntu ebumnyameni bokukhonza izithixo kanye nokukhonza izidalwa, imfake ekukhonzeni uMdali kuphela.
-
I-Islam iguqula isimo sempilo yalabo abayilandelayo, njengoba besuke bekade behlupheka ngenxa yokuswela ulwazi, bengamaqaba futhi behlushwa yizimpi zemibangazwe.
-
I-Islam ihlenge abesifazane engcindezini ebebebhekene nayo njengokubulawa kwabantwana bamantombazane, ukungabi namafa kanye namalungelo, kanye nokuhlukunyezwa.
-
I-Islam imise ukuthi amaMuslim ahlale ehlanzekile futhi emsulwa emzimbeni nasemphefumulweni.
-
I-Islam iyakwenqabela ukuhlukumeza izidalwa zika-Allah, kungabe umuntu, isilwane noma izitshalo.
-
I-Islam igquqguzela abalandeli bayo ukuthi bethathe inselela yokumemela abanye kuyo (Islam), ukubaphephisa eMlilweni.
-
I-Islam iyakwenqabela ukusetshenziswa kwezinto eziphazamisa umqondo, njengotshwala kanye nezidakamizwa.
-
I-Islam iyakweqabela ukuziphatha ngendlela engenasimilo nengenanhlonipho, iphinde yenqabele nokuphinga.
-
I-Islam ivikela izimpahla zabanye, ikwenqabele ukulinyazwa noma ukwebiwa mpahla yomunye umuntu.
-
I-Islam ivikela umcebo ngakho iyakugwema ukugodlwa kwawo (ngogombela kwesabo).
-
I-Islam imise ukubambisana emphakathini ngakho iphoqelele iZakah futhi yagqugquzela nokuphana ngesihle.
-
I-Islam iqinisekisa ukulingana phakathi kwezinceku zika-Allah, yize zehlukene ngokwebala, kodwa i-Islam ayehlukanisi phakathi komhlophe nomnyama.
-
I-Islam imise imithandazo emihlanu ngosuku, ukuze ukuxhumana no-Allah kuqhubeke njalo.
-
Ukuthola umvuzo (omuhle) ku-Allah akunamkhawulo. Ngakho iMuslim kufanele lihlale liqinisekisa ukuthi liyamthokozisa njalo u-Allah nakungakhohlwa umvuzo walokho ongapheli.
-
I-Islam ishiya umnyango wentethelelo uvuliwe, lokho kuholela ekuqinisekeni nasekukhuthaleleni ukuphenduka ezonweni.
-
Sonke isenzo esihle umuntu asenzayo sisusa ezinye zezono zakhe.
-
Ubulula be-Islam benza kubelulo kuwo wonke umuntu ukuthi ayiqonde, ngaphandle kokuphiceka.
-
Ukuvuleleka kwe-Islam nokukwazi ukuhambisana nokushintsha kwezinto kuyenza ihlale isesimeni sayo soqobo esingaguquki.
-
I-Islam iyinkolo yeqiniso u-Allah ayithandela bonke abantu. Uma kunezinkolo eziningi, bekufanele nonkulunkulu bebe baningi. Odunyiswayo Phakade uphakeme Yena ngaphezu kwakho konke (ukuthi angatholelwa abalingani).
-
I-Islam yiyo kuphela inkolo abalandeli bayo abanoMbhalo wasezulwini osalondeke njengoba unjalo selokho wembulwa kuMphrofethi [Muhammad (U.K.K.)1].
-
UMphrofethi (U.K.K.)1 we-Islam nguye kuphela abalandeli bakhe ababanesineke sokuqikelela ngemininingwane yempilo yakhe, nezinkulumo zakhe okanye izenzo zakhe, kanye neSunnah (Usikompilo) lwakhe olungenasici, olungumthombo wesibili wemithetho ye-Islam.
-
Yize imiyalezo yabaPhrofethi baphambilini yayibhekiswe kubantu abakhethekile nangesikhathi esikhethekile, i-Islam ibhekiswe kuwowonke kuze kube wuSuku lokwahlulelwa.
-
I-Islam yiyo kuphela inkolo emhlabeni jikelele enabalandeli abakhonza uMdali wabo ngendlela yezimiso zaKhe qobo, hhayi ngendlela ebhalwe ngabantu bese bethi yimiBhalo eNgcwele.
-
I-Islam ifundisa ukuba nomusa kulabo ababuthaka nalabo abampofu.
-
I-Islam ihlambulula imilando yabaPhrofethi ba-Allah ezicini abahlanjalazwa ngazo yilabo abangakholwayo.
-
Iqinisekisa ukulingana phakathi kwabacebile nabampofu ngendlela yempatho, kungaba se-Masjid (Isakhiwo sokuthandaza) okanye emihlanganweni, labo abacebile abanalo ilungelo lokuchema ngendawo yokuhlala, njengokugudluza labo abampofu endaweni abahleli kuyo.
-
I-Islam iphoqa ukuthi amaMuslim azile ukuze befunde ukuzithiba, nokuthi bengene ezichathulweni zalabo abampofu ukuthi bazizwa kanjani ngenxa yokweswela kwabo, lokho kugqugquzele ukuba nesandla esiphayo.
-
I-Islam ikhulisa umphefumulo womuntu ukuze ebe nokuqonda ngokubaluleka kwempilo yaKwelizayo.
-
I-Islam ayibandlululi phakathi kweMuslim nabanye ekuphaneni umnikelo wesihle.
-
I-Islam inika umakhelwane amalungelo akhe noma ngabe engesilo iMuslim.
-
I-Islam ikhuthaza ukuhlonipha abadala nokuba nomusa kwabancane.
-
I-Islam iqinisekisa amalungelo abazali noma ngabe abasiwo amaMuslim.
-
I-Islam imisa amalungelo omntwana ngisho engakazalwa.
-
I-Islam ifundisa ukuhlonipha nokukholelwa kubo bonke abaPhrofethi ba-Allah.
-
I-Islam ihlenga namalungelo alabo asebashona.